Uhulumeni weNdawo uneqhaza eliphakeme ezinhlelweni zentuthuko lapha eNingizimu Afrika. Uhlelo lwezinguquko zokusungula omasipala abangabandlululi nabaphokophelele intuthuko wumnyakazo oqavile ekusizeni ohulumeni bendawo bafake igalelo elifanele entuthukweni.
Ukwethula uhlaka olucacile lwenqubomgomo ekhuthazayo ngokwethula Umthethosivivinywa woHulumeni beNdawo.
Ukwethula uhlaka olusha lomthetho wohulumeni bendawo ngokuphakamisa Umthetho weziNhlaka zoMasipala kanye noMthetho weziNhlelo zoMasipala.
Ngemuva kokhetho lohulumeni bendawo olwabanjwa ngomhlaka 5 Disemba 2000, isigaba soguquko sesiphelile kanti uhlelo lohulumeni bendawo selungaqala ukusebenzela esizeni esiqinile.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele (IDP) ngelinye lamathuluzi kahulumeni bendawo okubhekana neqhaza lokuletha intuthuko. Ngale kweqhaza lokuhlela olwenziwe phambilini, uhlelo lwentuthuko edidiyele selubonakala njengomsebenzi wokusingatha omasipala nanjengengxenye yeqhinga lezinhlelo ezididiyele nokwethula imisebenzi emphakathini. Uhlelo lwe-IDP luqonde ukufinyelela ezinqumeni ngezinto ezifana nesabelo-zimali zomasipala, ukusingathwa komhlaba, ukuqhakambisa intuthuko yomnotho ezindaweni nokuguqula izikhungo ngendlela yokubonisana, ehlelekile neqonde phambili. Izinhlelo zeNtuthuko eDidiyele ngeke isize kuphela impatho yomasipala kodwa kufanele ihlahle indlela yemisebenzi yezikhungo noma imikhakha esondelene nohulumeni, izikhungo ezingasebenzeli nzuzo, abasiza abezimboni, kanjalo nemboni ezimele ezindaweni zomasipala.
Esikhathini esidlule, omasipala besikhashana base bevele bemdibi munye ekulungiseni izinhlelo zama-IDP. Lokhu kwenziwa ngaphansi kwezimo ezinzima. Ngalesi sikhathi lwalungekho uhlaka lomthetho. Omasipala bezindawo abaningi (ikakhulu iMikhandlu yesiKhashana) babengenazo izinsiza namandla okusingatha umsebenzi wenqubo yokuhlela. Ngesikhathi esifanayo, ayengekho amaqhinga okuhlela asevivinyiwe ngalesimo ngokunjalo nezinhlelo ezinqala nezihloliwe zokuqeqesha. Ngaphandle kwazo zonke lezi zinqinamba, bonke abantu ababambe iqhaza kulendima bahlomule kakhulu ngolwazi abaluzuzile. Kunomaziphathe abambalwa asebehlabele phambili kakhulu ekusunguleni izinhlelo ezisiza ekusingatheni imisebenzi nezinhlelo esezisebenza.
Amabhukwana eziNkomba ze-IDP, nasungulwe yithimba elehlukile le-DPLG ngokwesekwa yi-GTZ, luhlongoza inqubo ehloliwe yokuhlela nokusingatha umsebenzi ngendlela elula ukusetshenziswa.
Kunohlelo lokuqeqesha ezingeni likazwelonke kubaphathi bomasipala, kubasebenzi abangochwepheshe, emakhanseleni nakochwepheshe bokuhlela. Lolu qeqesho lubandakanya bonke abavela komasipala.
Uhlelo lukazwelonke lokweseka izinhlelo komasipala bezindawo (PIMSS) luyasungulwa kanti luzogxila kakhulu ezikhungweni zomaziphathe.
Isibalo esikhulu somasipala, SALGA, iminyango yezifundazwe kohulumeni bendawo neminyango eminingi yezimboni zikahulumeni ezweni zibe yingxenye yaloluhlelo nokuholele kuleli Qoqo lamaBhukwana amasha e-IDP. Nginethemba elikhulu lokuthi leli qoqo lamabhukwana oshicilelwe uyoba wumhlahlandlela owusizo nomthombo wolwazi oluyonika ugqozi kinina nonke eninegalelo ohlelweni lwe-IDP nasemizamweni yenu yokwenza I-IDP isikhali sokubhekana nezidingo zenhlalonhle nomnotho emiphakathini yethu ngendlela ehlonze ikusasa eliqhakazile.
Yini esemqoka ngeMihlahlandlela eDidiyele yokuHlela iNtuthuko?
Imihlahlandlela yokuphendula umbuzo othi KANJANI?
Ukuba iziNhlelo zeNtuthuko Edidiyele (IDP) zenziwa umbandela osemthethweni komasipala eMthethweni wesiKhashana woHulumeni beNdawo (LGTA), njengoba uchitshiyelwe , kusho ukuthi ngesikhathi kwenziwa lokhu awenabanga kakhulu. Ngaphezu kwalokhu, imibandela yokuhlela intuthuko edidiyele igamanxela emibandeleni yeziNhloso zokuThuthukisa uMhlaba (LDO) njengoba isungulwe eMthethweni wokuKhuthaza iNtuthuko (DFA) ka 1995. Inkambiso yeDFA ihlinzekela uhlaka lwenqubomgomo oluwusizo mayelana nezici zokuhlela nokuthuthukisa indawo.
Imibandela ebalulekile yenqubomgomo, uhlaka lomthetho kanye neqhinga lama-IDP yasungulwa ngemuva kokuba inqubo ye-IDP seyivele iqalile.
Uhlu lwemihlahlandlela yamaqhinga ahlanganisa ukuklelisa phambili, ukugxila ezintweni ezibalulekile, igxathu eliqonde phambili, uhlelo lwesikhathi esizayo nokuhlanganyela nezinye izimboni iv.
Lomthetho uqonde iqhaza lokuhlela umasipala wokusebenzisana.
Kuneminye imibhalo emibili ewumphumela we-WPLG ebalulekile ekuhleleni intuthuko edidiyele Umthetho wokuKlama Imingcele waqala inqubo esiholele ekuncipheni kwesibalo somasipala. Labomasipala sebebakhulu futhi banamandla okuguquka izikhondlakhondla zezikhungo.
Ibhuku loHlelo lweNtuthuko Edidiyele lizama ukwethula iqhinga eliyinkomba kulabo abamdibi nenqubo yentuthuko edidiyele. Isizathu wukubasiza ekuqhubeni kahle umsebenzi wabo. Kunemilayelo nezikhali ezikhomba izinyathelo ngazinye ezingalandelwa. Lemilayelo ayifani nemibhalo yomthetho eyimpoqo kodwa yona iwusizo lokuzikhethela. Lemilayelo iyisisekelo sezifundo zokuqeqesha, ulwazi nezeluleko.
Njengoba inqubo eningi yokuhlela intuthuko edidiyele yaqalwa kudala ngaphambi kokuvela kwalolu hlaka olusha, iqophelo lwenqubo edidiyele yentuthuko nemiphumela ithelelwe kakhulu yiloluhlelo.
Komasipala abaningi, inqubo yentuthuko edidiyele nemiphumela, imibhalo yokuhlela yashodelwa yizidingo ezilula zeqhinga lentuthuko edidiyele. Inqubo yadala ukudideka okukhulu nokuhlukumezeka kulabo ababebandanyeka.
Esikhundleni sokusetshenziswa njengesikhali sokubhekana nezidingo-nqangi ngempela zezakhamizi nemiphakathi ngendlela eletha umphumela necabangela ikusasa, omasipala abaningi baqoka ukulandela kuphela imibandela emincane yomthetho ngokusizwa ngabeluleki. Ngalesi sizathu, imiphumela ayibanga yiqiniso ngempela futhi kwafana nomdlalo wokuthenga izinhlelo ezivele sezikhona.
Ingxenye yalezi nkinga ngamandla amancane kohulumeni bendawo, ukusebenzisa amaqhinga anzima nangadikibalisa inqubo engcono nesheshayo nentula izinsiza zokuyeseka. Isimo esinjena siholela ekwethembeleni kakhulu kosonkontileka abangabeluleki. Ngaphezu kwalokhu, inqubo namalungiselelo ezinhlangano zomasipala zazisezintsha. Izihibe eziningi zincike ekwentuleni uhlaka olucacile lwenqubomgomo. Ezinye izingqinamba ezichazwe ngezansi zisafuna ukuxazululwa.
Inhloso yokuhlela intuthuko edidiyele yayingacacile ngokwenele kwabanye omasipala ngenxa yokusondelana kwayo kumaLDO. Kwesinye isikhathi, yayithathwa njengendlela yokubamba iqhaza lokufinyelela ohlwini lwemisebenzi yenqalasizinda edinga imali evela ngaphandle.
Ngenxa yalesi sizathu, umphumela wama-IDP wawuvame ukuba yizihloko zemisebenzi nje kuphela ngaphandle kokuchaza kabanzi ngemibandela yokubumbeka kwawo kanye namaqhinga okusebenza lapho eseqaliwe. Babungekho ubufakazi emibhalweni eminingi obabuveza ukuthi imihlahlandlela yentuthuko yenqubomgomo icatshingiwe. Lemihlahlandlela ibandakanya ukulwa nobuphofu, ukukhula komnotho noma ukusimama kwezemvelo.
Wawungekho umgomo ocacile wokuxhumanisa uhlelo lwentuthuko edidiyele nokuhlelwa kwezinye izinhlaka zikahulumeni kanjalo nokuhlela imboni. Ngamanye amazwi, ukuhlela umasipala kufanele kube yingxenye yohlelo oluhlanganisa imikhakha kahulumeni. Lesi simo asikenzeke njengamanje. Ayikabikho futhi incazelo eqondile yokusiza omasipala ukuze banqobe indida ekhona ngenqwaba yemibandela yemithetho ekhona lapho kuhlelwa.
Wawungekho umbiko obhaliwe nocacile wendlela ama-IDP omasipala bendawo nesifunda okumele baxhumane ngayo (ngaphandle kokuthi kufanele kwenziwe ngesikhathi esisodwa nokuthi azisane). Ngenxa yalesi sizathu, omasipala bendawo nabesifunda bahlela ngokwehlukana ngaphandle kokwazisana, ngesinye isikhathi omasipala bendawo babelinda izifunda.
Wawungekho umqondo ocacile noyiqiniso ngesakhiwo esiqondene nemisebenzi nezibophezelo ngohlelo lwenqubo yentuthuko edidiyele. Imibiko engacacile neyihaba ephawula ukuthi ohulumeni bakamasipala yibona okufanele babe ngabanini nabaqhubi bohlelo yayingaqondile kohulumeni bendawo abangenawo amandle abasizi abakhokhelwayo. Ngesizathu sokwentuleka kwezeluleko ngokwabiwa kwemisebenzi nezibophezelo eziqondile neziyiqiniso, abaphathi bomasipala babenomkhuba wokwedlulisela kwabanye abantu wonke umsebenzi wenqubo yohlelo lwentuthuko edidiyele.
Umthelela kwaba wukwehluleka ukuphendula umbuzo othi, yiluphi uhlaka olufanele lokweseka uhlelo lwentuthuko edidiyele komasipala. Ngaphandle kwezeluleko ezithile zenhlangano ezifundazweni ezehlukene, uhlaka lokweseka olwalutholakala kwakungabeluleki bokuhlela kuphela.
I-IDP namaxhama ayo okuxhumana nokuphathwa komhlaba, njalonjalo ashiywa ezingeni lochwepheshe babeluleki. Lokhu akulungiswanga ezingeni lokuhlela inqubomgomo.
Obamisapala abaningi nabeluleki babo abakwazanga ukuhlela inqubo yeqhaza lokubonisana nomphakathi ngendlela enomthelela obonakalayo. Isizathu salokhu kwaba wukwentuleka kwemihlahlandlela eyisisekelo.
Kwakungacacile ukuthi ama-IDP ayokwemukelwa noma ahlolwe kanjani kanjalo futhi nokuthi ngubani okufanele enze lomsebenzi. Ukwemukelwa kwama-LDO kwakulungiswa yi-DFA.
Ngaphandle kokucacisa ngalezinto ezibalulekile zenqubomgomo, wonke amalinge omkhakha wokuqinisa amandla omasipala, ukusungula izinhlelo zokweseka nokwenza ngcono amaqhinga okusebenza ayoba nomthelela ongasho lutho eqophelweni lwenqubo yokuhlela intuthuko edidiyele kanjalo nemiphumela elindelwe.
Kunegebe elikhulu phakathi kohlaka olubanzi lwenqubomgomo ye-WPLG nemibandela emincane echazwe ku-MSA namaqhinga athile okuhlela aqukethwe wuMbhalo weNtuthuko Edidiyele. Leligebe kumele livalwe ukuze uhulumeni wendawo akwazi ukusebenzisa ngempumelelo ithuluzi lokuhlela lentuthuko edidiyele.
Inhloso yemihlahlandlela wukuqinisekisa ukuthi bonke ababambe iqhaza ohlelweni lwentuthuko edidiyele (kuhlangene nabaqeqeshi, abakhokhelwayo ekusunguleni isikhali sentuthuko nokudweba imithetho) bayayiqonda inhloso yokuhlela intuthuko edidiyele, ukwaba umsebenzi nezibophezelo nenqubo yokuhlela. Lokhu kuyobavumela bafinyelele esinqumweni esinobuqiniso nesibhekele ikusasa nokwemukela izixazululo ezisheshayo nezifanele.
Lemihlahlandlela ngeminye yemibandela esemqoka ekwenzeni uhlelo lwentuthuko edidiyele isikhali elinegalelo elibonakalayo kuhulumeni wendawo. Eminye imibandela: ukusungula iqhinga lentuthuko;amalungiselelo ezinhlelo zokuqeqesha; nokusungula uhlelo lokweseka.
Ezinye izindawo lapho kudingeka khona iseluleko somhlahlandlela wenqubomgomo yilezo ezentulayo ezichazwe ngenhla.
Lezi zindawo zahlaziywa ngesikhathi kwenziwa isivivinyo senqubo yentuthuko edidiyelwe. Ezinye zacutshungulwa kabanzi ocwaningweni lwezifundo zenqubomgomo.
Imihlahlandlela iqonde ukwethula iseluleko nokuklama indima uma sikhona isidingo. Inhloso wukusiza ababambe iqhaza ekusebenziseni kangcono ukuhlela intuthuko edidiyele njengesikhali esinomthelela omkhulu entuthukweni kahulumeni wendawo.
Ubulula bokuguquka: imihlahlandlela iyovumela isimo sokufunda nokuzama amaqhinga amasha kwinqubo yokuhlela nokuphatha. Uhlaka luyokhuthaza izinhlobo ezahlukene zokuhlela nokucabangela isimo sokwehlukana komasipala lapha eNingizimu Afrika.
Izinga elinqunyiwe lomfaniswano: imihlahlandlela kumele ithathe isinqumo ngegxathu lokuhlinzeka ubulula bokuguquka ohlakeni lwazo nokunciphisa amathuba egebe ngenhloso yokuqinisekisa umfaniswano othile ekwenzeni izinto, emithethweni nasolimini.
Imibandela yokuhlela etholakalayo: imihlahlandlela kufanele ihlele ukugcina izindleko ziphansi nokukhuthaza ubunini ngokugcina imibandela yokuhlela ilula nokucabangela izinsiza nabasebenzi abayingcosana komasipala abaningi. Kuyiqiniso ukuthi impumelelo yalomsebenzi idinga ikhono elithile lokuhlela njengesikhali sokugwema ukusaphaza izimali ngokuyitshala endaweni engafanele. Ngakho, amaqhinga okuhlela angehluka kuMasipala wesigaba A (Umkhandlu omkhulu) no C wesifunda kanjalo no B (owendawo).
Intuthuko phambili: Ngokwe-WPLG, uhulumeni wendawo oqhakambisa intuthuko yilowo ozinikele ekusebenzisaneni nezakhamizi namathimba omphakathi ukuthola izindlela zokuhlangabezana nezidingo zenhlalonhle, umnotho nezidingo-nqangi nokuthuthukisa izimpilo zabantu. Lokhu kunomthelela kwinqubo edidiyele yentuthuko nasemiphumeleni.
Ukusebenza okuqhakambisa ukwethula izinsiza nezidingo zomphakathi ngempumelelo: Yonke imihlahlandlela yokuhlela kufanele iqonde ukuthi ukuhlela yisikhali sokufinyelela endleleni yokwethula kangcono, ngokushesha izidingo zomphakathi. Ukugcina amaxhama okuxhumana asobala phakathi kokuhlela, igalelo elibonakalayo emphakathini yinkambiso ebaluleke kakhulu emhlahlandleleni.
Lemihlahlandlela iyosiza labo ababambe iqhaza ngenqubo yentuthuko edidiyele lapho bebheka inqubo njengesikhali sokuphatha kangcono, ukuthatha izinqumo nokuqhuba umsebenzi ophatheleni nemisebenzi yomphakathi nezinhloso ezivamile zentuthuko.
Ubuthaka ekugqugquzeleni ukutshala izimali embonini yomphakathi.
Ekuqaleni kweminyaka yo 1990, Izigungu ezehlukene zokuxoxisana (njengeSigungu sokuXoxisana seNdawo neseziNdlu ezingeni likaZwelonke) zacabanga umbono wokuhlela intuthuko edidiyele ngenhloso yokuqeda lendlela endala yokucabanga nokuhlela. Ngesikhathi esifanayo, iqhinga lokuhlela okudidiyele lase linedumela kakhulu emhlabeni wonke ngenxa yokuthi kwakubonakala ukuthi okwakwenzeka ngezikhathi zo1980 kwakungafanele. Esinye isizathu kwaba yingcindezi yokudidiyela indlela yokusebenzisa ubuchwepheshe nokukhononda okuvela kwezemvelo.
Ngo 1995, "Ukuhlela Intuthuko Edidiyele" kwahlaluka njengendlela yokuhlela esifundeni kanti yagqugquzelwa kakhulu yiHovisi leRDP kanye neSigungu esixhumanisa izinhlaka zikahulumeni (FEPD).
Lomqondo waphinda waqhakambiswa Ohlelweni loKwakha Kabusha Umnotho neNtuthuko (RDP) olwaba yingxenye yomthethosisekelo waphinde wafakwa embhalweni ofana noMthetho-sivivinywa woHulumeni beNdawo noHlelo lweNtuthuko.
Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika waphendula ngokusungula ohulumeni bezindawo ababonakalayo nabazimele kodwa abaxhumanayo nezinye izinhlaka zikahulumeni. Labohulumeni baneziphathimandla zabo nombandela obalulekile wokuqhuba intuthuko.
Intando yeningi esabalele umhlaba igcizelela isidingo sokwenza izinto ngendlela engachemile nokusabalalisa izinsiza esizweni sonke. Lomkhuba uholela kwinqubo yokuhlela ngokuhlanganyela kwazo zonke izakhamizi nethuba lokuba ziphefumule ngezinto ezithinta impilo yazo.
Ukuhlela ngokuhlanganyela kuchaza ukuthi abantu ngabanye, amathimba, nezinhlangano kufanele zifinyelele elwazini olufanele lwentuthuko ukuze bakwazi ukubamba iqhaza ekuthatheni izinqumo endaweni abayakhele nabasebenza kuyo. Inhloso yokubamba iqhaza wukugxilisa intango yeningi nenkomba yoguquko. Lenguquko ikhombisa ukusuka emqondweni wokubheka izinto njengezikahulumeni kodwa igxile ebuqinisweni nasebulungisweni. Labo abahamba phambili kwinkolelo yokuhlela ngokubambisana bakholelwa wukuthi ukuxhumana kakhulu phakathi kohulumeni wendawo nomphakathi kuyoholela entuthukweni engcono, ikakhulu ezingeni lendawo.
Ngonyaka ka1992, abaholi bamazwe angu 179 basayinda umhlahlandlela womhlaba wentuthuko emile eyaziwa nge Agenda 21 nemiselwe emzekelisweni wokuthi intuthuko yeqiniso iyotholwa kuphela ngokuhlanganyela neqhaza lemikhandlu yendawo lapho kuyolandelwa khona inqubo yokuhlela. Uhlelo lweAgenda 21 luhlongoza ukuba omasipala balandele inqubo yokuhlela nokubonisana nezakhamizi, ukuvumelana ngodaba lwentuthuko emphakathini. Lolu hlelo luthatha iqhaza lomphakathi njengesisekelo sentuthuko emile.
Eningizimu Afrika, yonke imithetho encikene nentuthuko ephasiswe kusukela ngo1994 idinga inqubo edidiyele lapho kudwetshwa uhlelo. UMthetho weziNhlelo zoMasipala uchaza kabusha umbono kamasipala odidiyela umphakathi, ogcizelela isidingo sokusebenzisana lapho kukleliswa izidingo-nqangi.
Njengamanje, uhulumeni uthathwa njengesakhiwo sokusiza izakhamizi ngemisebenzi yomphakathi. Omasipala bathathwa njengesikhali sentuthuko yomnotho endaweni nokuchaza ukuthi kufanele badale isimo esivumela ukukhula komnotho nokutshalwa kwezimali. Omasipala kumele bakhule manje ngokusungula umbimbi nezinye izimboni nemikhakha ethile ephakela imisebenzi yomphakathi. Lokhu kungenziwa ngokuxhumana nokwakha umbimbi oluqondene nentuthuko yendawo.
Esimweni saseNingizimu Afrika, intuthuko yomnotho wendawo ithathwa njengomphumela obalulekile wenqubo yokuhlela intuthuko edidiyele. Inqubo yokuhlela umasipala kufanele isungule inkundla yokudingida izidingo-nqangi zomasipala nokudala amathuba okusebenzisana nokwakha umbimbi lokweseka intuthuko yendawo.
Enye inkomba ebonakalayo emhlabeni yigalelo lokulangazelela intuthuko eyoqhubeka isikhathi eside. Lamalinge akhuthaza ukubaluleka kokudidiyela izinkinga zemvelo nokuzilumbanisa nenqubo yenhlalonhle nezomnotho.
Ngokulandisa kwezinhlelo I-Agenda 21 neInternational Habitat Agenda, "intuthuko kumele yeseke isimo sempilo emphakathini, amandla nokusabalalisa umhlomulo wentuthuko ngenhloso yokuyigcina ikhona isikhathi eside". Ukukhula komnotho okuqhubekayo akuvamile ukuhlala ngaphandle kokweseka inqubo yokulondoloza intuthuko yemvelo nomphakathi.
Umkhuba omuhle wentuthuko emile awukho kuphela emazweni athuthukile njengoCanada, Australia noNew Zealand.
Umthetho kaZwelonke wokoNgiwa kweMvelo v.
Umkhankaso ofuna ukudidiyela uthathelwe emcabangweni othi izinga elingcono lokudidiyela liyoba nomthelela omuhle ekusebenziseni izinsiza eziyingcosana ngendlela efanele.
Umkhankaso wokufuna isixazululo sokudibanisa eNingizimu Afrika uhaqwe yizinkinga ezaziwayo ezifana nomnotho ongalingani, intuthuko nesidingo esikhulu kakhulu sezidingo ekubeni ziyingcosana izinsiza. Lesi simo sehluke kakhulu futhi sixakile kunezinye izindawo emhlabeni. INingizimu Afrika ayikwazi ukwenza amaphutha nabizayo entuthuko. Okungenani, idinga ukuhlomula ngokubambisana nokudidiyela izinhlelo zentuthuko ngenhloso yokuhlanganisa izinsiza eziyingcosana lapho kuphokophelelwe impumelela yekusasa.
Ngokomthethosisekelo (isigaba 152 no 153), uhulumeni wendawo umiselwe inqubo yentuthuko yomasipala nokubahlela. Umsebenzi ojutshelwe omasipala ukuqhathanisa impatho, isabelo sezimali, umsebenzi wokuhlela nezinhloso kubeka isithombe esicacile senjongo ehlosiwe yohlelo lwentuthuko oludidiyele.
ukuqinisekisa ukwethula imisebenzi yomphakathi emileyo ukukhuthaza intuthuko yenhlalonhle nomnotho ukukhuthaza imvelo ehlanzekile nephephile ukuklelisa phambili izidingo-nqangi zomphakathi ukukhuthaza iqhaza elibanjwa wumphakathi i-WPLG isemgqeni nomfutho woMthethosisekelo ngoba ibheka uhlelo lwentuthuko edidiyele njengesikhali esiqondile sentuthuko kahulumeni wendawo. Ngaphandle kokuhlobana kohlelo lwentuthuko edidiyele emiphumeleni yentuthuko ehambisana kakhulu nezinhloso zomthethosisekelo, I-WPLG yeneka isizathu sokuthi kungani uhlelo lwentuthuko edidiyele sithathwa njengesikhali esibalulekile ekufezeni lezi zinhloso.
Ngokulandisa kohlaka olukhona lomthetho nenqubomgomo, ngaphandle kwesimo somthetho, yinto ecacile ukuthi uhlelo lwentuthuko kamasipala ayilona ize kodwa yisikhali esisemqoka sokusiza uhulumeni wendawo ekuzuzeni imiphumela noma izinhloso.
Yindawo efanele lapho kungahlelwa noma kuqhutshwe khona imisebenzi yokutshala izimali ezivela ezimbonini ezehlukene ngokwesikhathi nendawo.
Nakuba Umthethosisekelo uhlangene ne-WPLG uhlinzeka ngolwazi olucacile lwenhloso yohlelo lwentuthuko edidiyele komasipala, kusekhona ukungabaza nokungaqondi kahle kwabamele uhulumeni wendawo nochwepheshe bokuhlela.
Ngenxa yokusondelana kakhulu nama-LDO, abantu abaningi (ikakhulu abasebenzi bakahulumeni wendawo) bahlanganisa intuthuko edidiyele nohlelo lokuhlela izindawo nokuwuhlelo olungaxhumene nalomkhakha.
Izinga lokudideka nokungaqondi likhombisa ngokusobala isidingo sokucacisa inhloso nomqondo wokuqhuba uhlelo oludidiyele lwentuthuko nokwazisa labo ababambe iqhaza ngokubaluleka nosizo lohlelo oludidiyele lwentuthuko njengethuluzi lokuthuthukisa umnotho nenhlalonhle.
Inhloso yohlelo lwentuthuko edidiyele wukwethula izidingo zomphakathi ngendlela esheshayo nelula nohlaka lwentuthuko yezomnotho nenhlalonhle kumasipala. Kunamaxhama okuxhumana amaningi phakathi kohlelo lwentuthuko edidiyele kanye nemiphumela yentuthuko ahambisanayo, ikakhulu ukwentuleka kwezimali kwamasipala, isidingo esiphuthumayo semisebenzi yomphakathi nokudala amathuba emisebenzi. Uhlelo oludidiyele lwentuthuko lungafaka igalelo egebeni elikhona lentuthuko elashiywa yisikhathi sobandlululo nokwenza umsebenzi wokuthuthukisa ohulumeni bendawo impumelelo.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele yiqhinga lokubuyekeza kabusha amadolobha ethu, amadolobhana nezindawo zasemakhaya.
Inqubo yohlelo yobandlululo yaqinisa umbono wentuthuko ngokwehlukana.
Inqubo yokuhlela ngeyokubambisana futhi ivumela inqubo yentango yeningi, ukuvula amathuba nezinguquko zenhlalonhle. Inqubo yentuthuko edidiyele idwetshwe ngendlela yokuthi bonke ababambe iqhaza babenezwi ezindabeni ezithinta impilo yabo.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele kufanele lubhekane nesimo esinzima sokungalingani senhlalonhle nomnotho njengomehluko okhona phakathi kwezindawo zasemadolobheni nasemakhaya kanjalo phakathi kwamathimba ahlukumezeke ngobuhlanga, ubulili, iminyaka nokukhubazeka.
Umthethosisekelo ufuna "umasipala ahlele futhi aphathe ihovisi, isabelo sezimali nenqubo yokuhlela ngendlela ehlinzekela kuqala izidingo-nqangi zomphakathi nokukhuthaza intuthuko yenhlalonhle nomnotho". Amaqhinga, imisebenzi nezinhlelo ezivezwa yinqubo yokuhlela intuthuko edidiyele kumele ahlolwe iqhaza alibambile ekwenzeni ngcono isimo sempilo yabantu abahluphekayo.
ukugxila ezintweni ezibaluleke kakhulu ukuklelisa phambili imisebenzi egxile ebuphofini nakulabo abentulayo ukubhekela udaba lokwentula umhlaba ngokwamukela amalinge ezinguquko zemihlaba ukukhuthaza intuthuko yomnotho wendawo ukwakha uhlaka lokuhlela indawo elibandakanya abantu abampofu.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele yikhambi lokudala umnotho.
ukuphakamisa amalinge okungenelela isimo somnotho, isibonelo; ukubeka imihlomulo, ukusungula inqalasizinda yomnotho nokuthenga, ukuthuthukisa, ukuboleka nokudayisa umhlaba.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele yitulo lokwenza ngcono izinga-mpilo labantu ngokusungula imisebenzi nezinhlelo ezididiyele neziyoma isikhathi eside.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele yinqubo egamanxile, edidiyele nexhumanisa imikhakha yentuthuko.
ngokwakha umbono wokushiyelana ngentuthuko yekusasa endaweni yomasipala ukwethula inkundla yokubonisana nomphakathi nokuqoka ukufinyelela ezivumelwaneni ngezidingo-nqangi nezinto ezibalulekile zentuthuko endaweni kamasipala ukwakha isisekelo esiqinile sokwaba ubudlelwane nombimbi oluqondene nentuthuko ukwandisa umbono nokuqonda izidingo-nqangi zentuthuko njengokulwa nobuphofu, intuthuko yenhlalonhle endaweni nokulondoloza imvelo.
izinhlelo zokuxhuma, zokudidiyela nokuhlela neziphakamiso zentuthuko namanye amaqhinga, amapulani nezinhlaka zomasipala.
ukubeka imithetho eqondile necacile ngokuphatha ihovisi lapho umphathi-masipala nomkhandlu beyohola balawule izinhloso okuvunyelwane ngazo.
ukudala uhlaka oluwusizo lokuqhuba umsebenzi osuqalile, ikakhulu komasipala abanamandla amancane.
Inqubo yokuhlela intuthuko edidiyele nezinguquko zohulumeni bendawo yisimo esiwumphicwano, wena owabona umbuzo "ngubani omdala inkukhu neqanda". Ezinye izinguquko esikhungweni ziyadingeka ukuqinisekisa impumelelo yamalungiselelo nokusebenza ngempela kwenqubo yohlelo oludidiyele lwentuthuko. Inqubo yokuhlela ibheke kakhulu ukuqoka amaqhinga nemisebenzi eyodinga izichibiyelo esakhiweni nasohlotsheni lomasipala.
Inqubo yokuhlela intuthuko edidiyele kumele ibenomphumela weqoqo elithile lamaqhinga okusiza omasipala ekwethuleni ngendlela efanele negalelo elikhulu entuthukweni yezidingo-nqangi, izinhloso, amaqhinga, imisebenzi nezinhlelo eziqagulwe lapho kuhlelwa. Inqubo yokuhlela iyokhuthaza izinguquko esikhungweni ngendlela ehambisana nezidingo-nqangi nezinhloso.
Inqubo yokuhlela intuthuko edidiyele iyodala ithemba kubatshali-zimali ngokucacisa izinhlelo zesikhathi esizayo nohlelo lwenqalasizinda.
uhlelo lwentuthuko edidiyele luqonde ukwazisa isabelo sezimali nezinhlelo zomasipala, isifundazwe nozwelonke, izinhlelo kanjalo nezikhungo zokutshala izimali, izakhamizi zomasipala nanoma ngubani ovela ngaphandle ocabanga ukuzohlala noma atshale imali endaweni kamasipala. Alunawo umqondo owodwa ogxile kuphela ezindabeni zikahulumeni wendawo noma obhekele izindaba zangaphandle.
inqubo yokuhlelo kumele ikhiqize iziphakamiso ezifanele nezethembisa impumelelo. Kubalulekile ukuba inqubo ihlinzekele ukwaba ngokushesha nokusebenzisa izimali yizigungu ezehlukene. Ukuhlela kahle uhlelo lwentuthuko edidiyele kuncike ekwakheni izinhlaka zokutshala imali lapho kubekwa khona izinkomba ezicacile nesikhathi sokuphothulwa kwemisebenzi nezinhlelo eziqokiwe.
iNingizimu Afrika inezimali eziningi zokuxhasa imisebenzi emazingeni ezindawo. Lemali yedlula imisebenzi yangempela eyenziwayo. Isizathu salokhu wukwentula iziphakamiso noma izinhlelo ezinhle zamabhizinisi. Izikhungo eziningi zendawo nezomhlaba ezitshala imali zisembhidlangweni wokufuna iziphakamiso ezifanele zemisebenzi. Lezo ziphakamiso (akubalwa imisebenzi engamampunge nje nokuvela kwabhalwa izihloko ngayo) zidinga ukuhlela. Ngakho, inkinga enkulu ekwethuleni imisebenzi ayikho emalini kodwa ekuhleleni ngendlela eqondile.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele yisikhali sokuqikelela ukuthi izinsiza zabiwa futhi zisetshenziswa ngendlela efanele nenegalelo elikhulu.
Ama-IDP asiza omasipala ekukaleni izibophezelo zabo nokuhlela ngobuchwepheshe izinhlelo ezisemqoka nokwaba izinsiza. Ngaphansi kwesimo sokungalingani, ama-IDP asebenza njengohlaka lomasipala lokuklelisa ngezidingo amagalelo ayofakwa ukuze kuhlangatshezwane nezidingonqangi. Lokhu kuyokwenzeka ngaphandle kokuphazamisa isimo somnotho, inqalasizinda yomasipala nenhlalonhle evele ikhona.
Uma kunezimali eziningi, sincane isidingo sokuhlela kahle. Ubuncane bezinsiza buhambisana nobukhulu besidingo sokuhlelisisa. Ukuhlela ngobuciko buchaza ukucabanga izindlela ezahlukene zokusebenzisa izinsiza eziyingcosana ngenhloso yokuhlomula kakhulu. Izixazululo ezithathelwa esikhathini esedlule zivame ukubiza kakhulu komasipala, ikakhulu labo abentula imali. Ukuhlela kukhuthaza izisombululo ezifanele ngokubonisana ngezinhlobo ezehlukene zamakhambi. Imiphakathi empofu ayikwazi ukuphumelela ngaphandle kokuhlela. I-IDP isiza umasipala ekwabeni izinsiza zakhe eziyingcosana ngendlela ehlelekile neyosimama.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele yinqola yokwethula ngokushesha imisebenzi emphakathini.
isiqinisekisa ukuphatha nokusebenzisa ngobuciko nangendlela efanele izinsiza zezimali nabasebenzi bokweseka umsebenzi osuqaliwe ukunciphisa isimo sokwehluleka kwezimali ezabelwe imisebenzi ukuba zisetshenziswe ngesikhathi ngenxa yokwentuleka kweziphakamiso zemisebenzi eziphusile nezihloliwe.
amakhansela angasebenzisa I-IDP njengendlela yokukala igalelo lempumelelo nobuciko bokuphathwa bomasipala nokuthola amandla okuqhubeka nomsebenzi abajutshelwe wona.
Uhulumeni wendawo uyohlale enenselelo yokweseka izinqumo zentuthuko ngaphansi kwesimo sezinsiza eziyingcosana. Inqubo yohlelo lwentuthuko edidiyele kufanele yethule kumasipala uhlaka olucacile, olungachemile nolunomqondo ukuze luhole izinqumo zentuthuko nokwakha isisekelo okuyokalwa ngaso ukusebenza komasipala.
Ama-IDP yizikhali zokuqikelela ukuthi imisebenzi kahulumeni wendawo ididiyelwe nezinye izinhlaka zokuhlela intuthuko ezingeni lesifundazwe, kuzwelonke nasemhlabeni jikelele. Lokhu kwenzeka ngokuthi ama-IDP abe yisisekelo sokuxhumana nokubonisana.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele yikhambi lokulumbanisa nokuxhumana ngaphakathi kwezinhlaka zikahulumeni.
Ngaphakathi komasipala, I-IDP idlala indima yokupha isisekelo sokusebenzisana phakathi kwabasebenzi, amakhansela, izakhamizi nabanye abathintekayo. Ngenxa yokuthi lokhu kusebenzisana kugxile ezintweni ezenzekayo njengokwaba isabelo sezimali, kulindelwe okungaphezulu kokukhuluma nje. Esikhathini eside esizayo, lokhu kusebenzisana kufanele kukhuthaze izindlela nezindawo zokuhlangana nokwakha umbimbi oluyobumba incazelo entsha ka "masipala" eMthethweni weziNhlelo zoMasipala.
Ama-IDP asebenza njengesisekelo sokusebenzisana phakathi kukahulumeni wendawo nezakhamizi ezingeni lendawo kanjalo namathimba anentshisekelo nabambe iqhaza. Uhulumeni wokubambisana nokuzibophezela unomqondo kuphela uma uqondene nezinto eziphathekayo, izinhlelo nokwaba izinsiza.
Isigaba B se-WPLG "uhulumeni wendawo obhekene nentuthuko" ubalula yonke imihlahlandlela yenqubomgomo yentuthuko ezingeni likazwelonke neqondene nohulumeni bendawo. Bagxile kakhulu emthethosisekelweni nasohlakeni lwenqubomgomo kazwelonke, isibonelo I-RDP nohlelo lweNtuthuko, uMnotho noKwaba kaBusha (GEAR). Lemihlahlandlela iwuhlaka imibandela equkethwe ngama-IDP.
Ukulonda imisebenzi, omasipala nezakhiwo zokuhlala.
Ukubhekela ngeso lokulingana izakhiwo ezihleliwe nalezo ezingahlelwanga.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele lufaka igalelo entuthukweni yenhlalonhle nomnotho. Kufanele ihlinzekele lemigomo ebaliwe.
Ama-IDP amaningi asungulwa ngo1998/99 awayivezanga lemihlahlandlela nemigomo kanti futhi ehluleka wukuqhakambisa izinkomba okungathathelwa kuzo. Udaba olufana nokwehlukana kwenhlalonhle (isibonelo, amathimba ancishwe amathuba noma ukwehlukana ngobulili). Ukungabi namandla okuzenzela nokusimama yizinto ezazinganakiwe nhlobo. Kwakuvame umkhuba wokwentuleka kolwazi lokubhekela lemihlahlandlela yenqubomgomo nemigomo lapho kuqhutshwa inqubo yokuhlela.
Uthini uMthetho wokuKhuthaza iNtuthuko?
Umgomo wokwethekela ngolwazi lokuqala kufanele uhlinzekelwe emsebenzini wokucabanga ngohlelo lwentuthuko edidiyele.
ukuqinisekisa amaqhinga okusebenza acacile aqondene nezindlela ezihlongozelwa ukuhlinzekela imisebenzi nezinsiza eqondene nezidingonqangi.
Ngamanye amagama, ama-IDP kufanele anike izimpendulo eziqondile zokwenza ngcono izidingonqangi nokuthi lokho kuyokwenzeka kanjani.
ukuxuba izinkinga ezikhona ngokwehlukana ngokomnotho, inhlalonhle nobulili, izidingo nezimo ezinethuba lempumelelo. Lokhu kuyokwenziwa njengengxenye yohlaziyo.
Ngakho, ama-IDP kufanele aveze izimpendulo ezicacile ngegalelo elilindelwe ekulweni nobuphofu, ukulingana ngobulili nezinkinga ezinkulu ezibhekene namathimba athile nezisombululo eziyosetshenziswa wumasipala ukuzixazulula.
ukuhlinzekela izici zezemvelo lapho kudwetshwa iziphakamiso zemisebenzi.
Ngamafushane, ama-IDP kumele anike impendulo ecacile yendlela umasipala ayodingida ngayo izinkinga eziqondene nezemvelo nokugwema umthelela omubi kuyo.
ukunquma izindawo okungabunjwa kuzo imifelandawonye yemisebenzi yomasipala namakhambi okukhuthaza lemifelandawonye.
Ngamanye amagama, ama-IDP kufanele axube iqhinga lokukhuthaza intuthuko yomnotho wendawo.
Umgomo wokubandakanya izakhamizi, imiphakathi nababambe iqhaza kuyo yonke inqubo kamasipala iyodingidwa ngokugcwele eSahlukweni 9 salolu hlaka lwenqubomgomo.
ukuhlaziya amanani ezindleko ezehlukene zemisebenzi, izinkinga namathuba okuphatha angaba yimpumelelo kanjalo nempumelelo yokwethula imisebenzi emphakathini.
Ngamafushane, ama-IDP kufanele agweme ukubumba uhlu oluyihaba kodwa ubeke ngokucacile indlela omasipala abayobenzisa ngayo ngokufanele neyongayo. Ngaleyondlela, uyokwazi ukumela isimo futhi nemisebenzi isimame.
ukuqagula izinkinga nezimo ezehlukene ohlelweni lokuhlelwa kwendawo nendlela yokuhlala engafani.
Ngamanye amagama, ama-IDP kufanele abhekele ukuhlelwa kwendawo futhi acacise indlela yokukhuthaza intuthuko ukuze ihambisane nemigomo eyisisekelo eku-DFA.
Ama-IDP ayophenduka isikhali esiwusizo entuthukweni nasekusimameni komasipala uma kubhekelwe ngendlela efanele imigomo yenqubomgomo yentuthuko kazwelonke. Lentuthuko iyokwazi ukubhekana nezidingonqangi (ngokuhlinzekela ngokucacile izidingonqangi zabantu abampofu) lapho kuyosetshenziswa khona amathuba ezomnotho kanjalo nokwethula imisebenzi efanele ngenani eliphansi.
Umthethosisekelo ufuna "izinhlaka ezicacile kodwa ezinobudlelwane" zikahulumeni. Lokhu kuchaza ukuthi uhlaka ngalunye lunesibophezelo sokuhlela imisebenzi engaphansi kwalo. Ngesikhathi esifanayo, lemisebenzi kanye nezinhlelo zokweluleka ezihambisana nayo kufanele zilumbane.
i-WPLG icacisa ngokusobala ngokwabiwa kwemisebenzi nezibophezelo kanjalo nendlela okufanele zixhumane ngayo. Kunesidingo sokuvumelana ngokulumbana, kungabi yinto ephoqwa ngaphezulu iye phansi noma kube ngeqalwa phansi iphonswe phezulu. Uma kulandelwa lenqubo yokulumbanisa, ukuhlela okwenzeka ezingeni lendawo kusizwa yinqubomgomo, imigomo, amaqhinga, namaqophelo kazwelonke nesifundazwe kodwa izinhlelo zeminye imikhakha kahulumeni kufanele zididiyelwe futhi zixhunyaniswe ezingeni lendawo. Uma kudidiyelwa noma kuxhunyaniswa izinhlelo, kunesidingo sokucabanga izidingo zendawo, izidingonqangi nezinsiza. Lokhu kusebenza ezinhlelweni zemboni kanjalo nasemaqhingeni axube izimboni. Nakuba I-WPLG yethula uhlaka olucacile lobudlelwane phakathi kwemikhakha kahulumeni kodwa alucacisi ngokwenele ukuthi kusho ukuthini lokhu ohlelweni lokuhlela intuthuko.
i-MSA (uhlaka 13-4-2000) alwenabi kakhulu ngaphandle kokuthi " ukuhlela okwenziwa ngumasipala kumele kulumbane futhi kweseke izinhlelo zentuthuko namaqhinga abanye omasipala abathintekayo, imikhakha kahulumeni wesifundazwe eyakhele umasipala kanye nekazwelonke" ayisho lutho ukuthi ukulumbana (okubonakala njengenqubo yokuvumelana, uma ubheka indlela yokubambisana ekuhleleni inqubo nokuyinto edingwa yi-MSA) kuyozuzwa kanjani. Ivame ukwethwesa isibopho sokulumbanisa kumasipala ngokumcela ukuba abuyekeze uhlelo lwakhe uma lungalumbene nezinhlelo zentuthuko namaqhinga eminye imikhakha kahulumeni.
Ama-IDP angaphenduka izikhali ezinamandla zentuthuko yohulumeni bendawo ezidingekayo ekudidiyeleni nasekuhlanganiseni zonke izinhlelo zikahulumeni ngaphakathi kwemingcele.
ihlelo lokuhlela elixube imikhakha kahulumeni elidwetshwe kahle neliphoqelelwe.
Ikhona enye inkinga encike ekwentulekeni kokwehliselwa emazingeni aphansi kwamandla okuzisebenzisela imali nehlelo lokuhlela elixube imikhakha kahulumeni. Inqobo nje uma ukusebenza kwama-IDP kusancike ezindleleni ezingachazeki kahle zokutshala imali emisebenzini ehlongozwayo, ihlelo lokuhlomulisa lomkhandlu wendawo luyoshayisana nemithetho yokuhlelela ikusasa. Esikhundleni sokufuna izisombululo ezonga imali nokuqokisisa kahle indlela yokusebenzisa ngokugcwele nangendlela efanele izinsiza eziyingcosana, imikhandlu ivame ukwethula imibiko emide eyizifiso ngoba ihlelo likhuthaza ukuba ucele okwedlula lokho okudingayo ngempela ukuze ukwazi ukuzuza okuncane. Ihlelo lomhlomulo lithena amandla imizamo yokusebenzisa ngendlela efanele izinsiza eziyingcosana.
Imihlahlandlela nemigomo yentuthuko kaZwelonke kufanele yethekelana ngolwazi emazingeni onke okuhlela intuthuko.
Uhlaka ngalunye lunomsebenzi wentuthuko ocacile kanjalo nomsebenzi wokuhlela oqondene wase uhambisana nomthamo womsebenzi nendawo oyimele.
Izidingo, okukleliswe phambili nezinsiza zezakhamizi zomasipala nezimo zendawo ziyosiza ngolwazi imisebenzi yentuthuko ezingeni lendawo. Ngaleyondlela, kuyofanele zethekele ulwazi inqubo yokuhlela zonke izinhlaka zikahulumeni nazo zonke ezinye izimboni, inqobo uma konke lokhu kumiselwe ukuphumelelisa noma ukutshala imali emisebenzini ezingeni lendawo.
Uhlelo lwentuthuko edidiyele kaMasipala olusebenza njengesikhali sokudidiyela nokuxhumanisa umsebenzi osuqaliwe endaweni nangesikhathi esibekiwe lumiselwe ukwazisa, ukwethekela ngolwazi nezinye izinhlaka zikahulumeni ngesikhathi zihlela. Izinhlaka zikahulumeni zixuba ukuhlela okwenziwa yimboni neminyango yezikhungo ezisebenzisana nomasipala.
Imihlahlandlela yamaxhama okuxhumana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni naphakathi kokuhlelwa komasipala nemboni.
Ukulumbanisa ngokuvumelana yinto edingekayo phakathi kwemigomo/imihlahlandlela, izidingo zokuhlela imboni (amaqophelo, amaqhinga okusebenza esifundazwe) nezidingo zendawo, izimo nezinsiza kanti kufanele kuphelezelwe yinkambiso yezandla ezigezanayo. Ngokulandisa kwale nkambiso, izinqumo ezithathwa emazingeni nasezinhlakeni ezehlukene kufanele azisane. Izinqumo okuvunyelwene ngazo kumele zibe yisibophezelo. Isibonelo, uhulumeni wendawo kufanele abambe iqhaza kwinqubo yokuthatha izinqumo ezenziwa yizinhlaka zikahulumeni kazwelonke nesifundazwe. Isimo sokubambisana sibalulekile lapho izinqumo zabo zingaphazamisa izinhlaka zendawo. Izinqumo ziyabophezela ezingeni lendawo. Uhlaka lukazwelonke noma isifundazwe kuyodingeka lwazise olwendawo ngendlela izinqumo eziyoguqulelwa ngayo kwezendawo. Izinqumo ezifana nalezi zendawo ziyocutshungulwa yimikhakha yesifundazwe/uzwelonke ngenhloso yokuhlola ukuthi ziyahambisana yini nezikazwelonke/nesifundazwe. Uhlaka lwendawo luyommelwa lapho kwenziwa lezi zivivinyo.
Imigomo ephawulwe ngenhla ikhombisa ukuxhumana kombono phakathi kokuhlela okuqala phezulu kwehlele phansi nalokho okuqala phansi kwenyukele phezulu.
Ukuxhumanisa nokuklelisa phambili izinhlelo nesabelo sezimali phakathi kwezimboni nezinhlaka ngendlela ehambisana nohlaka olubekiwe.
Ngokombono wohlelo lwentuthuko edidiyele kamasipala, asikho isidingo sohlelo olukhulu lwentuthuko kazwelonke exube izimboni kodwa angaba khona amaqhinga okutshala izimali embonini alawulwa kuzwelonke. Amaqhinga okusebenza angahambisana nezinhloso nezinkomba zokutshala izimali kanye nemisebenzi ethulwa yiminyango kazwelonke nesifundazwe.
iqhinga lokusebenza lentuthuko yesifundazwe elinezinhloso zesikhathi esiphakathi nezinkomba zokutshala imali nemisebenzi engaphakathi esifundazweni kuxuba uhlaka lwezimali lwesikhathi esiphakathi olubonisa izimali ezitshaliwe namaqophelo omsebenzi esifunda nemisebenzi esabalele nesifundazwe kanye nezinhlelo.
uhlaka olubanzi lokuhlela indawo lwayo yonke imboni nomasipala.
Imihlahlandlela yamaxhama okuxhumana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni naphakathi kokuhlelwa komasipala nemboni.
Uhlaka lwesifundazwe lungaxuba imibandela ebhalwe phansi yohlaka lwesishayamthetho sikazwelonke esiphathelene nemibandela elindelwe echazwe kahle. Lemibandela iqukethe izimo sezifunda.
Ukuxhumanisa izinhlelo zemboni nezinhlelo zesifunda kanjalo nokulumbanisa phakathi kokuhlelwa komasipala nokwemboni.
Umkhakha kahulumeni wendawo kufanele wenabe nge-IDP yeminyaka engu-5 njengengxenye yehlelo elididiyele lokuhlela nokwethula imisebenzi emphakathini. Lomkhakha usebenza njengesisekelo sayo yonke imisebenzi yentuthuko endaweni kamasipala.
amahlelo okuqapha nokuphatha umsebenzi osuqaliwe.
Umphumela wukuthi umkhakha kahulumeni wendawo yindawo enkulu yokuhlela intuthuko. Emphakathini wendawo, izidingo zabantu nezidingonqangi kanjalo nezimo zendawo kufanele zixhunyaniswe nemihlahlandlela kazwelonke nokubhekela isimo semboni lapho kudwetshwa imisebenzi nezinhlelo ezithile.
Amaxhama okuxhumana kumele alandele imigomo yokwethekelana ngolwazi nokumisa imigomo yokuqapha (umgomo wokubambisana) phakathi kwemikhakha ngaphandle kokusebenzisa indlela yolwazi olugeleza lusebenzise indlela eyodwa.
Izinhlaka zikaZwelonke nesiFundazwe enamalunga aqokiwe avela kweminye imikhakha kaHulumeni. Lezi zinhlaka (zihlanganisa izidingo zomthetho wokuhlela wezimboni ezehlukene) zanika ulwazi lapho umasipala ehlela.
Imihlahlandlela yamaxhama okuxhumana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni naphakathi kokuhlelwa komasipala nemboni.
Ochwepheshe bemikhakha efanele abavela eminyangweni ehlukene (esifundazweni nakuzwelonke) bethula izeluleko zobuchwepheshe noma baqale izifundo ezifanele zenqubo yohlelo lwentuthuko edidiyele. Ukweluleka nokubonisana okwenzeka phakathi komasipala bendawo nabaqokwe ezingeni lesifundazwe nozwelonke kuyohlelwa ezingeni lomaziphathe/isifunda.
Ama-IDP (ananyathiselwe ngezinhlelo ezithile zemboni ngokwemibandela) ayokwethulwa kuNgqongqoshe wesiFundazwe woMnyango weNdawo ukuze awahlole.
Ukuhlola amathuba okuphumelela kwemisebenzi nezinhlelo ezihlongozwayo. Lokhu kuyokwenziwa yikomidi lokulumbanisa elibunjwe ngabammeli abaqokwe yiminyango yesifundazwe nozwelonke (okuthathelwe emibonweni ebhaliwe).
UNgqongqoshe woMnyango weNdawo esiFundazweni angadlulisa umsebenzi wokuhlola nokulumbanisa ekomidini elincane elisezingeni loMaziphathe noma lesiFunda.
izinqumo ezenziwe mayelana nokuhlinzekelwa kweziphakamiso esabelweni sezimali sesifundazwe nemboni ezingeni likazwelonke.
Imiphumela yale nqubo yokulumbanisa kumele yazise izinhlelo/isabelo sezimali seminyango ebandanyekayo yesifundazwe/nozwelonke.
v. Iminyango yemboni (isifundazwe/uzwelonke) uyotshala imali noma aqhube imisebenzi/izinhlelo komasipala noma asebenzisane nabo ngokuhambisana nokuzibophezela kwabo kanjalo nokuhlonipha indlela okuvunyelwene ngayo ngokwaba imisebenzi nezibophezelo.
Kusemahlombe emithetho yesifundazwe ukunquma ukuthi iyiphi indlela yokuxhumana eyoqhutshwa ngokubhala phansi naleyo edinga imihlangano. Lokhu kufanele kwenziwe ngomoya wokugcina amalinge okuxhumana ezingeni lokuphatha.
kuyasebenzisana ekudwebeni isabelo sezimali nezinhlelo zebhizinisi lomasipala neminyango yesifundazwe nekazwelonke.
I-MSA ilawula ukuthi amaqhinga entuthuko kufanele alumbaniswe nezinhlelo zemboni kazwelonke nemibandela yokuhlela. Wengezela ngesidingo sokubumba uhlelo olulodwa olubhekele ikusasa nolusebenza njengomxhumanisi nomdidiyeli.
Umthetho wemboni kaZwelonke uqukuthe izinhlobonhlobo zemibandela yokuhlela okumele ilandelwe ngomasipala.
d Amanye amalinge nezincomo ezingabawusizo ngaphezulu kwemibandela enqunyiwe. Lamalinge ahlose ukwenza ngcono inqubo yokuhlela umasipala njenge-Agenda 21.
Omasipala badideka ngendlela nenqubo okumele bayilandele ukuhambisana nemibandela kanye nezidingo eziningi zemithetho ebekiwe. Bambalwa omasipala abazama ukulumbanisa uhlelo lwentuthuko yemisebenzi yamanzi nentuthuko edidiyele, isibonelo, labo abazamayo bahlangabezana nobunzima obukhulu. Okwesibili, ngaphezulu kwezinkinga ezivela emibandeleni yomthetho lapho ihlela imboni, kwaba nengqinamba yokudidiyela izinhlelo. Kwezinye izindawo, kwenziwa imizamo kodwa ngenxa yokubambelela emikhubeni yakudala nokwentuleka kokubambisana phakathi kwemboni kwaholela ebunzimeni balo msebenzi. Enye inkinga eyaphawuleka wukungachazwa kahle komsebenzi ngaphambi kokuqeda ama-IDP nokusho ukuthi omasipala abaningi abafinyelelanga ekuqhubeni imisebenzi ngendlela edidiyela izimboni.
Indlela eqonde ekulumbaniseni imboni kufanele ibe nenkomba ephathekayo ukuze omasipala bakwazi ukufeza izidingo zokuhlela eziphoqelelwe yiminyango kahulumeni kazwelonke. Iqhinga lokusebenza lisebenza ngokulandela imigomo nemigomo yomthetho ebusayo bese iphakamisa izindlela namasu omasipala abangenzalula ngawo inqubo yokuhlela ngaphandle kokushayisana nemibandela yomthetho. Iqhinga lokulumbanisa lihlose ukubumba amaxhama okuxhumana nokubonisana phakathi kwe -IDP nenqubo yonkana yokuhlela imboni.
Imibandela yemboni eshicilelwe emthethweni kazwelonke yehlukene ngobukhulu bayo.
Umnyango wezoMhlaba wawungakawuphethi Umthetho-sivivinywa weNtuthuko nokuHlela noma okazwelonke wokuhlela izindawo. Esinye isibonelo wukuthi nakuba Umnyango wazi kahle kamhlophe ukuthi uhlelo lwezinguquko ekwabeni umhlaba kufanele lufakwe ngaphansi kwe-IDP kodwa yayingakacaci inqubomgomo yokuhlela izinguquko zokwaba umhlaba.
Umnyango wezaManzi namaHlathi usunomthetho ophasisiwe, imihlahlandlela yenqubomgomo, izikhali zokweseka uhulumeni wendawo njengemiqulu namasu okuqhuba umsebenzi. Ngaleyondlela, iqhinga lokulumbanisa izinhlelo zentuthuko yemisebenzi yamanzi nama-IDP liletha ithemba elikhulu ngegxathu lentuthuko eseyenziwe.
Ukuhambisana nemibandela yama-EIP ne-EMP emnyangweni wezeMvelo nokuVakasha bekungakawuvezi umthelela nezithelo ngenxa yobufishane besikhathi. Esinye isibonelo ngesokuthi eminye imibandela yokuhlela izimboni ezincane isacutshungulwa yisishayamthetho, isibonelo, yizinhlelo zokulwa nokuchitheka kowoyela.
Imibandela yemboni engaphansi kweqhinga lokusebenza yenabe nezwe lonke. Izidingo zesifundazwe azikaphothulwa.
Umnyango woHulumeni beNdawo eziFundazweni.
Imihlahlandlela ivuleke ngokwenele futhi ibandakanya iminyango eminingi. Omasipala bangasebenzisa iqhinga elihlongozwayo kunoma yimiphi imikhakha ebonakala njengaleyo esemqoka endaweni kanjalo nemikhakha enemibandela efuna kukhiqizwe uhlelo.
b Owesibili, leyo ebheke kakhulu inqubo nemigomo njengemvelo nokuhlela indawo.
Imihlahlandlela yokulumbanisa iqoka ukugxila ekulumbaniseni inqubo yokuhlela ngaphakathi kwezinhlaka zohulumeni, sisho ukulumbana kwemikhakha yohulumeni bendawo ezingeni lendawo (nakuba imibandela ngokwayo ithathelwe emthethweni nakwinqubomgomo kazwelonke). Lokhu kuchaza ukuthi iqhinga aliqondene ngqo nokulumbanisa imikhakha engaphakathi kwezinhlaka zikahulumeni . Ukulumbanisa izinhlelo zamanzi, izithuthi noma izindaba zezindlu nenqubo ye-IDP iyingxenye yalomkhakha kanti ukulumbanisa umkhakha wezindlu phakathi kohulumeni bendawo nesifundazwe akuyona. Nakuba imininingwane yoxhaso lwezindlu idingeka enqubeni ye-IDP nokuyiyona ekhomba isidingo sokudidiyela izinhlelo zezindlu eminyaka eminingi nomphumela ongaphansi kwe-IDP, ukuxhumana phakathi kwezimboni noma emikhakheni kusemahlombe ezimboni. Kuyiqiniso ukuthi inqubo ye-IDP elumbanisiwe iyosiza kakhulu kulendima kodwa akusiwo umsebenzi wayo ukuthatha izinqumo.
ukubonisa ngempela iqhaza elibanjwe ngokuhlanganyela nelichaza igalelo lomphakathi nabayothinteka ngezinqumo ezithathiwe ngendawo, iqophelo lomsebenzi, izibophezelo nezindleko.
ukuhlela okubhekela ikusasa okubandakanya izinqumo ezithathwayo zobuchwepheshe nokuzikhethela okwenziwa yinhlangano. Phakathi kwezinqumo singabala ukuthenga ngokonga, ukwenelisa izidingonqangi, ukulwa nobuphofu, umthelela wobulili, umthelela wemvelo neminye imigomo yentuthuko.
Imihlahlandlela yokulumbanisa ukuhlela phakathi kwemboni kamasipala nentuthuko edidiyele.
I-IDP mayingagcini nje ngokuba wuhlaka olubanzi lweqhinga lezinhlelo zemboni anemininingwane egcwele nobuchwephese kodwa ipulani lingaba yisisekelo esifanele sokuqapha ukuqhutshwa komsebenzi.
Umbhalo wentuthuko edidiyele akumelanga ube mude kakhulu. Kumele kubelula ukusebenzisa imibhalo emiselwe ukuphatha nokuqapha imikhakha exubile.
izindleko nesabelo sezimali.
Imizamo yokulumbanisa izidingo zemboni nenqubo edidiyele yentuthuko ingahlangabezana nobunzima phakathi kokulandela imibandela yomthetho nokukhuthaza izidingonqangi zendawo. Ukungqubuzana kunganqotshwa futhi kufinyelelwe ezivumelwaneni ezibandakanya ukuqhakambisa kakhulu izinto ezibalulekile nezihambisanayo.
Indlela ebheke empumelelweni yokulumbanisa kumasipala incike ekubalulekeni komkhakha. Ukufaneleka kuchaza igalelo nokubaluleka kwezici ezithile zomkhakha. Uma umkhakha noma ingxenye yomkhakha ihlobene nezidingonqangi noma imisebenzi, kusho ukuthi imboni iyofakwa ngaphansi kohlelo lwentuthuko edidiyele.
Imihlahlandlela yokulumbanisa ukuhlelwa kwemboni yomasipala nezinhlelo zentuthuko edidiyele.
Kungahlelwa inqubo yokuhlela ehambisanayo embonini eyosingatha izici zemboni eziwela ngaphandle kwenqubo yeIDP. Iziwombe ezifuze lezi zifingqwe emdwebeni ongezansi.
Ukuhlaziya izidingo-nqangi-ukufaka yonke into nolwazi lwemboni nemibandela yokuhlaziya ebalulekile ezidingweni eziphambili ze-IDP;isivumelwane senqubo ehambisanayo lapho imibandela ingadingi uhlaziyo olunzulu ngezidingonqangi ze-IDP.
Izinhlelo ezididiyele zemboni.
Omasipala kufanele bazi umehluko wemibandela, balandele leyo engujuqu bese behlinzekela ekleliswe phambili kwinqubo yendawo yokuhlela. Kuyobaluleka ukwazi kuqala inqubo entsha yenqubomgomo nemithetho ecubungula futhi iphothule imibandela ekade isabunjwa ngesikhathi kudwetshwa leli Qoqo lamaBhukwana.
Umthetho okhona njengamanje udinga Imikhandlu yesiFunda neyoMasipala idwebe uhlelo lwentuthuko edidiyele. Ngokulandisa koMthetho oChitshiyelwe weSakhiwo soMasipala, umasipala wesifunda unesibopho sohlelo lwentuthuko edidiyele endaweni yonke kamasipala wesifunda. Lesi sibopho sibandakanya uhlaka lwezinhlelo zentuthuko edidiyele omasipala bonke abakhele umasipala wesifunda. Umthetho weSakhiwo soMasipala uchaza nokuthi lolu hlaka lubophezela umasipala wesifunda kanjalo nabendawo.
Ukunquma inqubo yokubonisana phakathi komasipala besifunda nabendawo lapho kudwetshwa ama-IDP kanjalo nenqubo eyolandelwa ekuguquleni uhlaka.
Lemibandela yomthetho kumele ibhekwe ngokwemiphumela yokuklanywa kwemingcele okusho izinguquko ezinkulu ebudlelwaneni bomasipala besifunda nabendawo. Esikhathini esidlule umasipala ngamunye wawuzenzela ngokwawo futhi umiselwe ukusingatha indawo ngayinye (omasipala bamadolobhana, imikhandlu yezifunda endaweni yasemakhaya), esikhathini esizayo sebeyosizana babelane izibophezelo ngendawo eyodwa. Lokhu kungenxa yokusungulwa komasipala abagamanxelene. Ukuhlela indawo nesifunda kuyoshiyana ngobukhulu bendawo. Umphumela walezi zinhlelo kuyoba yizinguquko ezinkulu zobudlelwane emiKhandlwini yesiFunda neyeNdawo. Amaxhama okuxhumana kumele andiswe kakhulu.
Njengoba kusobala ukuthi izinhlelo zesifunda nezomasipala bendawo kumela zethekelana ngolwazi, kunomthetho ocacile wendlela yokuzilumbanisa. Ngaleyondlela, kunesidingo sokucacisa indawo eyindida, ikakhulu lapho kuqokwa umkhandlu omusha nobandanyekayo ohlelweni lwentuthuko edidiyele.
Ngesizathu sokuthi ubudlelwane phakathi kwamandla kamasipala wendawo nesifunda behluka indawo nendawo, imihlahlandlela kumele ikwazi ukuguquka. Lemihlahlandlela kufanele iqinisekise ukusungulwa kobudlelwane obusha phakathi komkhandlu wesifunda nowendawo okhombisa ukuba semgqeni nokusabalalisa umsebenzi ngemuva kokuklanywa kwemingcele.
Kunemibandela noma imikhawulo emine okufanele ibhekwe ukuze imisebenzi ephakathi kwezinhlaka ezimbili zikahulumeni isatshalaliswe ngendlela efanele.
Uhlelo olufanele kufanele lwemukele amaqiniso nezidingo zabantu nesimo sezindawo ezehlukene. Izinga okuhlelwa ngalo ezingeni lesifunda lapha eNingizimu Afrika(izindawo ezinabantu abalinganiselwe esigidini nesiwububanzi okungu 10 000 sq/km) likhulu kakhulu ukuthi lingahlelwa kulesi sigaba.
Omasipala abaningi babhekene nengwadla yokwentula amandla okuzenzela. Ngakho, kungaba wusizo ukwaba imisebenzi ethile ephonsa inselelo yezidingo ezimbalwa ezifuna lezo zinsiza eziyingcosana.
Izinqumo zokuhlela kufanele ziguqulelwe esabelweni sezimali nasohlelweni lwebhizinisi yilabo abamiselwe ukuqhuba umsebenzi. Inqubo yokuhlela ichaza ukukhuthaza indlela yokuphatha umsebenzi osuqaliwe. Ngesizathu sokubaluleka kwexhama lokuxhumana ekuthuthukiseni imisebenzi yomphakathi, omasipala bendawo kufanele babe yingxenye yokuhlela imisebenzi nezinhlelo.
Izinga lesifunda liyoba yinkundla yokuhlangana ngaphakathi kwezinhla zendawo kanjalo naphakathi komasipala bendawo neminyango yesifundazwe nozwelonke.
Imihlahlandlela yokwaba imisebenzi nezibophezelo ngezigaba zokuhlela.
Ukulandelana kwemisebenzi yokuhlela phakathi komasipala bendawo nesifunda kubalulekile ukuqiniseka ukuthi imisebenzi yokuhlela iyenzeka futhi nemiphumela itholakala ngaso leso sikhathi. Umphumela yimisebenzi nezibophezelo zokuhlanganyela ezenziwa ngomasipala bonke ngesikhathi esisodwa. Leli qhinga lokuhlela ligwema ukuphinda leyonqubo okufanele yenziwe ngokuhlanganyela nokuthola umvuzo omkhulu ngezinsiza namandla ayingcosana. Iqhinga elichaziwe liqinisekisa ukubonisana phakathi komasipala bendawo nabesifunda nangezinqumo ezithinta futhi ezibophezelo omasipala bobabili.
I-WPLG igcizelela isidingo sezinguquko ohlelweni lokuphatha umasipala ngaphandle kokuphazamisa amalungiselelo athile enhlangano. Uma ubheka isimo sokwehlukana , kusemahlombe omasipala ukusungula uhlelo lwentuthuko elihlongoza amalungiselelo afanele, ikakhulu aqondene nentuthuko yeiIDP. I-WPLG igcizelela ukuthi lenqubo akufanele ibe wumthwalo wabeluleki kodwa mayisingathwe ngaphakathi kumasipala ukuze inike indlela yokuqinisa amandla okuhlelela ikusasa, ukwakha umbimbi nezinye izinhlangano, abaphathi nezabasebenzi nokuqinisa amaxhama okulumbana neminye imisebenzi (WPLG, p28).
Nakuba I-WPLF idinga ukuba uhlelo lwentuthuko edidiyele iphathwe ngaphakathi kumasipala ngaphandle kokubalula umnini-hlelo, I-MSA iphawula ngokuqondile ngalendima. IMSA ithi iKomidi eliPhakeme lomkhandlu womasipala(noma iMeya yoMkhandlu, uma bengekho bobabili, ikomidi eliqokiwe noma amakhansela) kufanele liphathe uhlelo lokudweba I-IDP nokwaba izibophezelo kumphathi-masipala.
Umbono wohlaka lomthetho nezombusazwe lucacile: ama-IDP kumele abe yingxenye eqavile yokuphatha umasipala neyohlela oludidiyele lokwethula imisebenzi yomphakathi. Umthwalo ogcwele usemahlombe omasipala nezinhlaka zawo.
Omasipala abaningi bedlulisele umsebenzi wokuqhuba ama-IDP kwezinye izimboni kanti asebenza njengemisebenzi ezimele kwinqubo ejwayelekile kamasipala. Ukuphatha ihovisi lomasipala noma amakhansela okanye kokubili kwakungeyona ingxenye yenqubo.
Lendlela yokuqhuba umsebenzi wokuhlela yaba ngenye ingxenye yomphumela wokudideka maqondana nohlobo lomsebenzi nezibophezelo zomasipala. Okwedlula lokhu, omasipala abaningi babebheke inselelo yokudweba ngokwabo ama-IDP okwakungenzeka edlule amandla abo, ngokwesikhathi ikhono nobuchwepheshe.
ukwethula uhlelo lobuchwepheshe nomsebenzi wokukhuthaza.
Abaphathi abaningi bomasipala bagwema ukubhekana nenselelo eyiqiniso yokulawula abahleli nokuhlela inqubo kodwa bayakuchitha lokho okungenabuqiniso okulindelwe kubo lapho bethathiswa khona okwabahleli bentuthuko.
Ukusabalalisa umsebenzi nezibophezelo kwinqubo yangaphakathi kumasipala kufanele kuholwe yimigomo yentango yeningi kanjalo nomhlahlandlela oqonde ohlelweni oludidiyele nasekwethuleni imisebenzi yomphakathi.
Intando yeningi entsha yalapha eNingizimu Afrika imele uzwano phakathi kohlelo lwentango yeningi eziqokela abammeli bomphakathi lapho izigungu ezifana nemikhandlu kufanele zithathe noma zemukele izinqumo.
Ukusungula uhlelo oludidiyele nokuphakela umsebenzi womphakathi kudinga iqhaza eligcwele labaphethe umasipala ngesikhathi senqubo yokuhlela.
inqubo kumele iphathwe ngumuntu ovela ngaphakathi kumasipala, omele Umphathi-masipala nogidlabezwe amandla okuthola bonke abaneqhaza ngaphakathi kohulumeni kamasipala kumela kube neKomidi eyisipesheli exube imboni ye-IDP noma ithimba lomsebenzi elihlanganise zonke izinhloko zomasipala eminyangweni nokungenani amakhansela ahleli eKomidini eliPhakeme njengesisekelo sokuguqula inhlangano ekuphathweni komasipala.
Ngaphandle kokufeza lemibandela, uhlelo lwentuthuko edidiyele lunethuba elincane lokuphenduka isikhali esiwusizo kuhulumeni wentando yeningi nobhekele intuthuko.
Ukwaba imisebenzi nezibophezelo kungehluka ngemikhakha nezinhlobo zomasipala. Ukwaba imisebenzi nezibophezelo zamathimba ehlukene kungehluka kancane, inqobo uma zisemgqeni nemigomo ebekiwe. Isiphakamiso sokwaba imisebenzi neqhaza siyosebenza njengohlala lokuhola komasipala abaningi besigaba B.
Isinqumo esiwujuqu/ukwemukela ama-IDP, nokuqapha.
Ukuhlela iqhaza lomphakathi.
Thatha isinqumo sokuhlela: qoka abantu bokuphatha, qapha inqubo yokuhlela.
Isibophezelo sokwengamela okubanzi nokuhlela (isiqiniseko sokubandakanye wonke amathimba athintekayo).
Ukwengamela usuku nosuku inqubo yokudweba I-IDP egunyazwe wuMphathi-masipala isiqiniseko sokuphatha ngemfanelo inqubo ehlelekile.
ukwethula igalelo eliphathelene nezinyathelo ezehlukene zokuhlela.
ingxoxo/ukuphawula ngegalelo labeluleki noma ochwepheshe.
ochwepheshe bokuhlela bangathatha umsebenzi kanobhala weKomidi eliPhakeme/Ithimba lomsebenzi.
Ukusiza ngobuchwepheshe nolwazi.
Ukudweba uhlaka lweziphakamiso zemisebenzi.
Ukumela izifiso nokufaka igalelo lolwazi nomqondo.
Ukusiza omasipala ekuhleleni ngendlela ehlelekile izinhlelo ezikleliswe phambili nokwaba izinsiza.
Ngamafushane, ukuhlela intuthuko edidiyele kufanele kube nokubonisana, ukucubungula, umbono obhekela ikusasa nokuthatha izinqumo ngendlela eqhakambisa izinhloso mayelana nodaba lwentuthuko.
Ukusebenzisa izikhali zokuqapha ngenhloso yokukala umthelela nokwenziwa komsebenzi.
I-WPLG ayicacile kahle ngomphumela wenqubo nangohlobo lwamadokodo alindelwe ohlelweni lwentuthuko edidiyele.
Imihlahlandlela yokuphendula umbuzo othi - KANJANI?
Nakuba isu lama-IDP liqonde ekubumbeni uhlelo olubanzi lwentuthuko edidiyele, omasipala abakwazi ukuhlela ngempela yonke into ngonyaka owodwa, ama-IDP amiselwe ukusiza omasipala ekukleliseni phambili nokucabanga ngekusasa nokugxila kuleyo misebenzi eqokiwe. Umzamo wokudweba uhlelo olukhulu kakhulu lungaholela ezinhlelweni ezingelona iqiniso nantula abasebenzi nezimali zokuqhuba lowo msebenzi.
Izinkomba zokukala umsebenzi owenziwe (KPI's) nemiphumela elindelwe.
Uhlu lokuqukethwe lubeka ngokucacile izinkomba ngomdwebo wenqubo yohlelo lwentuthuko edidiyele.
Cishe akekho umasipala owaphumelela ukudweba amaqhinga entuthuko, ukuqoka umgudu wesikhathi esizayo nokuklelisa ngendlela ehlelekile nokuphendula umbuzo; KANJANI?
Imihlahlandlela yokuphendula umbuzo othi - KANJANI?
Inselelo enkulu intsha. Uqeqesho nohlelo lokweseka lwalungakabikho. Ibhuku le-IDP elazama ukusiza omasipala ukubhekana nalenselelo laliyiqhinga lesinyathelo ngasinye lisetshenziswa njengesikhali. Inkinga yalo kwaba wukuthi lalingelula, ngakho alibanga yimpumelelo. Lalinomkhuba wokukhuthaza indlela engaguquki neyenza kubenzima ukuqondana nesimo njengoba sinjalo nokuqoka izindlela ezifanele zokudingida udaba nezinkinga.
Ngamafushane, omasipala abaningi nabeluleki abakazitholi izindlela eziqondile zokubhekana nenselelo entsha yokuhlanganisa izindlela zokuhlela okuhlinzekele ngokwenele iqhaza lomphakathi, ukucabangela ikusasa nokuqhuba umsebenzi osuqaliwe. Imihlahlandlela ekhona iyehluleka ukunika izimpendulo ezifanele zalo mbuzo.
iv. I-IDP mayihlelwe ngendlela ephokophelele impumelelo ngemisebenzi ehlongozwayo, kufanele ichaze izinto ngendlela eyenele nenosiza kwisabelo sezimali, ezinhlelweni zebhizinisi nasendleleni yokuphatha izinqumo zokusebenzisa umhlaba.
Ngamazwi amafushane, inqubo yokuhlela intuthuko edidiyele mayibe yinkundla yokuqoka, ukuxoxa nokuxazulula izindaba nezinto ezibalulekile zomasipala (lezi zinto zingagamanxa kumasipala jikelele) kanjalo nezithinta umphakathi ngqo noma amathimba athile omphakathi. Ukudingida izidingonqangi kuyokwenziwa ngokujulile ngokubhekela izindleko negalelo lomphumela ongaba wusizo ekuphatheni inqubo yomsebenzi ngaphandle kokubambezeleka.
Akusiwo umsebenzi womhlahlandlela wokuhlela intuthuko edidiyele ukwethula imihlahlandlela yamaqhinga okusebenza engasiza ekuphenduleni ngokugcwele umbuzo ovamile, KANJANI?
Lokhu kuyokwenziwa wuMhlahlandlela 3 kodwa kukhona imibuzo emincane ethinta iqhinga lomsebenzi okufanele icatshangwe njengomthelela wenqubomgomo nokubalulekile ukuba idingidwe kulesi sigaba.
000 angeke kwakhelwe eqhazeni elibanjwa ngemihlangano yomphakathi kodwa kungenziwa ngokubumba izakhiwo ezimile zokubamba iqhaza nokulandela imigudu ethile yenhlangano bona isigaba 8.
Imihlahlandlela yokuphendula umbuzo othi, KANJANI?
Akuchazi ukuhlanganisa inqwaba yemininingwane. Okubalulekile ukugxila ekuqaguleni izidingonqangi nokusiza ngokucacisa ngembangela nezinguquko ezikhona. Lokhu kudinga izichibiyelo eziningi zemithetho yezifundazwe.
Lenqubo kufanele yethekelane ngolwazi. Ukubonisana nemiphakathi noma namathimba athintekayo kufanele kuhambisane namaqiniso nezibalo kanti izidingonqangi eziphathelene nenqubo yokubonisana kufanele ibe yisihloko sohlaziyo olujulile.
Lapho inqubo yohlelo lwentuthuko edidiyele ihlose ukusheshisa nokwenza ngcono imisebenzi yomphakathi, ukunika inqubo yesabelo sezimali ulwazi, izinhlelo zebhizinisi nezokuphatha kanye nokusetshenziswa komhlaba. Izinhlelo kufanele zibhalwe ngendlela eqondile nevumela ukubala izindleko, imiphumela nezinqumo ngezindawo. Lomsebenzi udinga izinqumo ezifana neqophelo lobuchwepheshe nokudweba.
ukufaka iziphakamiso zemisebenzi enemininingwane egcwele evumela ukuhlaziya amathuba empumelelo yomsebenzi ongakaqali.
ukwenza amalungiselelo okuhlanganyela nezinye izinhlangano, kuhlanganisa umbimbi nomphakathi, ukubandakanya izinhlangano zomphakathi ekudwebeni inqubo yokuthatha izinqumo ngemisebenzi ebanzi.
Umthethosisekelo ubeke umthetho wokuthi enye yezinhloso zomasipala wukukhuthaza iqhaza lomphakathi nezinhlangano ezintweni zohulumeni bendawo.
I-WPLG igcizelela udaba lweqhaza lomphakathi (akugcini nje kuphela ekuhleleni umasipala). Yenaba kabanzi ngendlela yokuzuza iqhaza lomphakathi kanti umsebenzi kahulumeni wendawo wukudlale indima eqinisekisa ukuthi izakhamizi ziba yingxenye yokusungula inqubomgomo nokudweba izinhlelo zomasipala kanjalo nokuqhuba umsebenzi, ukuqapha nokuvivinya izinhlelo. Iqhaza lomphakathi lichaza ukukhuthaza intango yeningi endaweni.
Ukubumba ososeshini bezinhlangano (ikakhulu phakathi kwabantu abasezindaweni ezincishwe amathuba).
Kunemihlahlandlela ebonakalayo kulezi ziwombe ezingenhla. Eyokuqala, iqhaza kufanele libe wuhlelo oluhlelekile kunohlelo lwemihlangano yomphakathi. Eyesibili, iqhaza lomphakathi kumele ligxile kwinqubo ethile eqondile kodwa wusizo olungafani emikhakheni yonke yokuphatha umasipala.
Uhulumeni wendawo awumiselwe kuphela ukuthola indlela yokuhlela indlela yokubamba iqhaza kodwa ulindelwe ukuba nesandla ekukhuthazeni nokugqugquzela iqhaza, ikakhulu uma kuya eqhazeni elibanjwa ngamathimba aqokiwe nabesifazane abancishwe amathuba.
IMSA ichaza umasipala "njengengosi yebhizinisi" engabunjiwe nje kuphela yisakhiwo, imisebenzi nehovisi kodwa imiphakathi, izakhamizi nabakhokhi-ntela. Yehlukanisa ngokucacile phakathi kweqhaza nemisebenzi yezakhiwo zombuso nemiphakathi, izakhamizi nabakhokhi-ntela.
Isahluko seMSA seqhaza elibanjwa wumphakathi siholwa wumgomo othi abammeli bakahulumeni kufanele benanelwe wuhlelo leqhaza lobulungiswa. Ukubamba iqhaza kwinqubo yokuthatha izinqumo zikamasipala kuthathwa njengelungelo lomphakathi, izakhamizi nabakhokhi-ntela. Uhlelo lwentuthuko edidiyele lugcizelelwa njengendima ehlukile edinga iqhaza lomphakathi.
Isinqumo samasu, inqubo nemigomo efanele ngokubamba komphakathi iqhaza kuyekelwa kumasipala. Uwodwa umgomo ophoqelelwe ukwemukelwa, lowo ukucubungula nokubhekela izikhalo nezaziso ezethulwe wumphakathi emhlanganweni womkhandlu. Awukho umgomo ophoqelela umuntu ukubamba iqhaza kwinqubo yentuthuko edidiyele.
Omasipala bayacelwa ukuba badale isimo lapho umphakathi ungakwazi khona ukubamba iqhaza nokugqugquzela abanye. Ithuluzi elibekelwe ukukhuthaza iqhaza lomphakathi wukusabalalisa ulwazi ngamalinge nezindaba zeqhaza lomphakathi ngamalungelo nemisebenzi yezakhamizi nokuhola ngobulungiswa.
Ukuncisha izakhamizi amalungiselelo okubamba iqhaza ngokugwema imibandela eyisisekelo nokuyiyona evikela amalungelo.
Inqubo eningi yokubamba iqhaza esigabeni sakamuva sentuthuko edidiyele ihlelwe ngendlela engahambisani nemigomo ebhalwe kwi-WPLG neMSA.
Imikhandlu eqokiwe iyisigungu sokugcina sokuthatha izinqumo ngama-IDP.
Iqhaza elibanjwa wumphakathi kumele libe semthethweni ngenhloso yokuqikilela ukuthi zonke izakhamizi ezweni zinelungelo elifanayo lokubamba iqhaza.
ukubeka imibandela ecacile yenqubo eyolandelwa ekubambeni iqhaza. Lenqubo iyosebenza kubo bonke omasipala ngokulandisa komthetho.
ukwethula uhlaka lwenhlangano olusemthethweni.
Iqhaza elihleliwe: Omasipala abaningi bakhulu kakhulu uma kukhulunywa ngesibalo sabantu nendawo ukuthi bengakwazi ukubamba iqhaza eliqondile. Endaweni enkulu njengalena iningi labantu ngeke likwazi ukubamba iqhaza ngenxa yokujula kwenqubo yokuhlela. Iqhaza elibanjwa ohlelweni lwentuthuko edidiyele ludinga imithetho ecacile nemigomo ephawula labo abangabamba iqhaza noma okungaboniswana nabo, ngodaba, ngamasu enhlangano nangomthelela.
iv. Ukwehlukana kwabantu: Indlela okuhlelwe ngayo isakhiwo seqhaza lomphakathi kumele sihlinzekele ukwehlukana okukhona ebantwini, isibonelo; izinhlobo ezehlukene zokubamba iqhaza nokucabangela amasiko. Noma lukhona uhlaka oluvamile lomthetho weqhaza elibanjwa wumphakathi ezweni, lolu hlaka kufanele lube banzi ngokwenele ukwamukela izinguquko ezihambisana nendawo esifundazweni nakomasipala v.
ukukhuthaza iqhaza elibanjwa wumphakathi okufanele kwenziwe, ikakhulu ebantwini namathimba ancishwe amathuba nokubhekela ubunini kuye ngamandla nesimo somasipala ngamunye.
Ukubamba iqhaza kwinqumo yohlelo lwentuthuko edidiyele ngesinye segxathu lokuxhumana nokusebenzisana phakathi kohulumeni wendawo nezakhamizi.
Ukunika izakhamizi ilungelo lokufaka izikhalo nezimfuno zezimpendulo.
Indlela okubanjwa ngayo iqhaza lokusungula ama-IDP omasipala kumele ibhekwe ngeso elibanzi.
iv. Ukuveza amathuba nokuthuthukisa amandla: ukwenza inqubo yokuhlela intuthuko edidiyele ibe wumcimbi womphakathi nenkundla yokuxazulula ingxabano, ukufinyelela ezivumelwaneni. Ukwakha isisekelo sokusebenza ngendlela esobala nokuzibophezela kohulumeni bendawo ezakhamizini.
Lemisebenzi kufanele ihlale njalo inomthelela wokuqoka izinqumo ezifanele zomgomo nekhambi lokubambisa umphakathi iqhaza.
Iqhaza elihleliwe ligxile kakhulu ebukhoneni beqoqo lezinhlangano ezinamalungelo athile kwinqubo yokuhlela.
Umkhandlu nosihlalo weKomidi le-IDP kumele baqiniseke ukuthi wonke amathimba afanele, nezinhlaka zenhlalonhle zinikwa ithuba lokumelwa ngokwenele.
iv. Wonke amaKomidi eziGceme noSoseshini wabantu Ababambe iqhaza kufanele bamelwe eSigungwini sabaMmeli boMphakathi esiyoba wumgudu wokuxhumana phakahi kukahulumeni kamasipala nomphakathi. ISigungu sabaMmeli boMphakathi kumele sibe yinhlangano egcwele eyengamele ukuqapha indlela okuqhutshwa ngayo imisebenzi ye-IDP. Imihlangano yeSigungu sabaMmeli boMphakathi kufanele ihanjelwe ngamalunga eKomidi eliPhakeme le-IDP nangamakhansela.
v. Ikomidi ye-IDP namakomidi amancane aqondene nemisebenzi, yizinhlelo noma amathimba omsebenzi angaxuba abammeli abavela emakomidini esigceme nososeshini noma ebantwini abasiza ngezinsiza uma umasipala ebona kufanele. Labo abamele umphakathi nezinhlangano bangaba ngamalunga agcwele ekomidi noma bethamele ngokumenywa.
Omasipala beSigaba A no C bayosebenzisa amalungiselelo enhlangano ehlukene. Omasipala besifunda bangakhela kwinqubo yokubambisana emkhandlwini wendawo kodwa omasipala bamadolobha bangadinga isigaba esengeziwe seqhaza elibanjwa ezingeni elingaphansana noma elingafaniswa nedolobhana.
I-MSA ifuna omasipala basabalalise ulwazi ngenqubo nemigomo nangezinto eziyinkinga.
iv. Umphakathi nabamele izinhlangano kumele banikwe isikhathi esenele (amasonto amabili kuya kwamane) ukubamba imihlangano noma imibuthano yezifundo namathimba emphakathi noma ezinhlangano abazimele ngaphambi kokudingida udaba eSigungwini se-IDP.
v. Imibhalo ewuhlaka lohlelo kumele ikwazi ukutholwa yizakhamizi nabo bonke abanelungelo lokwethula imibono ebhaliwe. Kufanele kube nesikhathi okungenani samasonto amane lapho amakomidi, ososeshini babaqokiwe namathimba anentshisekelo nezakhamizi zingaxoxa khona ngohlaka esidlangaleni nokwethula izincomo ngaphambi kweSigungu se-IDP.
vi. Ikomidi le-IDP liyokwazisa amakomidi esigceme nososeshini ngendlela okudingidwe ngayo imibono noma izizathu zokuchitha imibono ngaphambi kokwethula uhlaka emkhandlwini ukuba lwemukelwe.
vii. Imihlangano yoMkhandlu ngokwemukelwa kohlelo lwentuthuko edidiyele kufanele ibe ngevulelekile emphakathini.
Uhulumeni kamasipala ngokusebenzisa iKomidi le-IDP namakhansela kumele asebenzise wonke amasu afanele ngaphezu kokudala isimo esidingekile nesikhuthaza iqhaza lomphakathi. Njengoba kuyobanzima komasipala abaningi ukumisa imibandela elindelwe nokubandakanya yonke imikhakha engaphakathi kohulumeni kamasipala njengoba phela iqhaza liyilungelo elingesona isibophezelo.
Ngakho umfutho wokukhuthaza ugxile emathimbeni enhlalonhle engahlelekile kahle nengenawo amandla okuchazisisa intshisekelo yomphakathi. Lesi simo singasho amathimba entulayo, abesifazane noma iminyaka ethile (intsha, izintandane, abantu abadala). Umasipala kumele aqagule amathimba bese enquma izindlela ezifanele zokuqikelela ukuthi bayamelwa eSigungwini se-IDP.
Iqhaza elibanjwe wumphakathi alifanelekile ngokulinganayo esigabeni ngasinye sokuhlela kanti akusiyona yonke inqubo yeqhaza elungele isinyathelo ngasinye sokuhlela. Ukunciphisa izindleko, ukugwema ukukhathazwa yiqhaza nokwenyusa umfutho womthelela weqhaza, amasu okubamba iqhaza ayohlukana ngezinyathelo. Lemihlahlandlela elandelayo ingasiza umasipala ekuthatheni isinqumo ngezikhali ezifanele zezinyathelo ezilungile.
Ingxenye yemibuthano ebanjwa esifundeni.
Izingxoxo eziqinile zamakomidi ochwepheshe nemiphakathi ethintekayo.
Ithuba lemibono yezakhamizi.
Ichaza - Umfutho omkhulu: Ukubandakanya umphakathi, izakhamizi, abasebenzisi be-IDP nombimbi olukhona.
Ichaza - Umfutho omncane: Amakomidi amancane obuchwepheshe namalunga ambalwa ammele umphakathi.
Kunomehluko ocacile phakathi kwemisebenzi nezibophezelo uhlaka ngalunye olunamalungelo akho njengengxenye yohlelo lokubambisana lukahulumeni naleyo misebenzi ethile yokweseka evela kuhulumeni kazwelonke nesifundazwe eqondiswe kuhulumeni wendawo. Nakuba izibophezelo ezishiyelwanayo ngaphansi kohlelo lobulungiswa nokubambisana zibhekele isikhathi eside esizayo, izibophezelo zokweseka kungaba ngezesikhashana.
NgokoMthethosisekelo, uhulumeni kazwelonke nesifundazwe, kufanele weseke futhi uqinise amandla omasipala ngendlela yokuphatha izindaba zabo, ukusebenzisa amandla nokuqhuba imisebenzi.
I-WPLG iqondise kulesibophezelo kanti ichaza ngokuqondile iqhaza nomsebenzi kahulumeni kazwelonke nesifundazwe. Noma uhulumeni kazwelonke kumele usungule uhlaka olubanzi lokuqinisa amandla angaphakathi kumasipala nokuweseka, uhulumeni wesifundazwe uyokwethula uhlaka lokukhulisa amandla esifundazweni nokuyinto ehlinzekela izidingo eziningi zomasipala. Ukunika usizo ngama-IDP ngomunye umsebenzi wokwakha amandla obalulwe yiWPLG. Ohulumeni bezifunda balindelwe ukudlala indima ekwethuleni usizo lapho becelwa kanjalo nokuhlela ngononina indlela okungakhululiswa ngayo amandla okuzenzela kumasipala wendawo. Lesi simo siqondiswe kokunye, osizweni lobuchwepheshe nobungoti bokuhlela.
IMSA ikhuluma kuphela ngeqhaza lesifundazwe ohlelweni lwentuthuko edidiyele ngaphandle kokunika eminye imininingwane.
Zonke izinhlaka zikahulumeni zilindelwe ukubamba iqhaza zibe nezibophezelo ekwesekeleni omasipala bendawo lapho bekhulisa amandla okuzenzela. Iqhaza likahulumeni kazwelonke ngelokudweba uhlaka lokweseka, izifundazwe nezifunda zilindelwe ukubamba iqhaza kulombhidlango wokukhulisa amandla okuzenzela. Ukwaba umsebenzi wokweseka phakathi kwezifundazwe nezifunda akuchaziwe ukwedlula lapha.
Uhlelo olukhona namuhla lokweseka inqubo yentuthuko edidiyele ayizange ihambisane nemibandela yokweseka bonke oMasipala beSigaba B abangabanga namandla ochwepheshe bangaphakathi. Usizo oluvela kuzwelonke (njengokunikwa imihlahlandlela namabhuku) noma ezifundazweni (usizo lwemithetho, uqeqesho nemibuthano yezifundo, usizo oluqondiswe ezinhlanganweni) alukwazanga ukugcwalisa igebe lamakhono okuhlela nokugqugquzela ezingeni lendawo. Kwaba nephutha lokuzicabangela ukuthi abaphathi bomasipala bayoba namandla nolwazi lokwenza umsebenzi wokuhlela nokugqugquzela wonke lomsebenzi ngosizo lwezincwadi nokuhambela umbuthano wezifundo ezimfushane bese beyawuqonda umsebenzi. Abaphathi bomasipala abazange basithole isikhathi salokhu noma babengazenzanga izifundo zalo msebenzi.
Leli gebe okukhulunywa ngalo labe selivalwa ngabeluleki.
Abeluleki bokuhlela babenomkhuba wokusebenzisa indlela evele yethule umphumela ngaphandle kweqhaza elinokweseka nokuthuthukisa amandla okuzenzela. Ngaphezu kwalokhu, omasipala abaningi abedlulisela kubeluleki umsebenzi wohlelo lwentuthuko edidiyele babefuna umbiko oyohambisana nemibandela futhi uphasiswe wuNgqongqoshe wesiFundazwe, ngakho inhlosonqangi yabo yagxila ekukhiqizweni kombiko nebhuku elihambisana nomthetho ngaphandle kokucabangela ikusasa nokuzifundela.
Abeluleki abaningi babegogode kakhulu emkhakheni wokuhlela idolobha. Babe ngayejwayele inqubo yokusebenza ngokubambisana noma ukuhlela umsebenzi ngokubhekela ikusasa. Iqhaza lokweseka alenelanga ukugcwalisa imibandela ebekiwe yokuhlela intuthuko ngendlela edidiyele.
Imisebenzi yokweseka ethathelwe kumthetho-sisekelo njengezimali, imihlahlandlela yenqubomgomo, ulwazi oluphathelene nenqubomgomo, ukuqapha nokulawula.
Imisebenzi yabantu abakhokhelwayo njengosizo ngeqhinga lomhlahlandlela, ukugqugquzela, ukuloba imibhalo, ukucwaninga, izifundo zokuhlaziya, njalonjalo. Lemisebenzi ingethulwa yizikhungo ezizimele noma nguhulumeni kuye ngamandla okwethula lowo msebenzi.
Ukweseka okwesikhashana kuyinto yokukhuthaza nokusinga usizo.
Ukwesekwa okuvela kochwepheshe abakhokhelwayo kufanele kuphathwe ngomasipala. Akufanele lomsebenzi ugcine sewuthathe umsebenzi wokuphatha izibophezelo zomasipala. Njengoba abaphathi bomasipala bengalindelwe ukwenza umsebenzi wabahleli (kodwa bangalindelwe ukuphatha abahleli), abavunyelwe abahleli ukwenza umsebenzi womphathi we-IDP.
iv. Umgomo wokusizana: Amahlelo okweseka kumele asondelane nezinhlaka eziphansi. Noma yini engenziwa kangcono noma kahle ezingeni eliphansi kumele yenziwe naphezulu. Noma yini eyenziwa kahle ngabethuli-misebenzi abakhona akufanele iqashelwe abethuli-misebenzi abasha. Isibophezelo sokweseka izinhlelo zomasipala zivele kakhulu ngaphakathi kumasipala. Amahlelo amasha okweseka mawagcwalise kuphela igebe elingavaleki, angasetshenziswa ukukhipha izinhlelo ezivele zikhona.
ukuveza amathuba okushintshana ngolwazi nomqondo.
ukuqapha inqubo yokuhlela nokuqhuba umsebenzi osuqaliwe.
ukunika ithuba lokushiyelana umqondo nolwazi, nokuthatha izinyathelo zokuhlela ngokuhambela imibuthano yezifundo.
iv. Imboni ezimele (abeluleki, amaNGO) ingasetshenziswa emisebenzini yokuhlela engathintani nezibophezelo zokuphatha umasipala nedinga amakhono athile nangenziwa ngabanye abantu.
amaNGO angasetshenziswa, ikakhulu ekusizeni omasipala nabancishwe amathuba, amathimba angahlelekile ukuze abambe iqhaza kwinqubo ngokusungula izinhlelo ezifanele.
Ukugqugquzela imibuthano yezifundo zokuhlela nemihlangano idinga ikhono eliphakeme neliyisipesheli. Abagqugquzeli abanekhono bayingcosana futhi bangaqashwa kumaNGO, embonini ezimele noma ngaphakathi kwemboni kahulumeni.
Umnyango woHulumeni weNdawo esiFundazweni usembhidlangweni wokusungula uhlelo lukazwelonke "PIMSS, Uhlelo lokuSekela nokuPhatha Imisebenzi esiqaliwe" oluhambisana nalezinkombandlela.
Ukwaba imisebenzi ngaphansi kohlelo lokweseka kungasiza bonke ababambe iqhaza ekuqaguleni izibophezelo nemisebenzi yabo. Akufanele kuthathwe njengento engashintsheki nemile. Kuneziwombe ezimbalwa ezigamanxile.
iWPLG igcizelela ukubaluleka bokungabukeli phansi umaziphathe kamasipala ngenqubo yentuthuko nokwemukela, nombuza oqondene nenqubo yokwemukela enqunywe yi-DFA.
IMSA idinga ikhophi eyodwa kuphela ye-IDP neyemukelwa wumkhandlu kamasipala. I-IDP yethulwa kuNgqongqoshe kaHulumeni weNdawo. Uma I-IDP ingahambisani nemibandela yomthetho noma izinhlelo zentuthuko noma amaqhinga abanye omasipala noma izinhlaka zikahulumeni, Ungqongqoshe angacela omasipala bachibiyele uhlelo. Uma umasipala enqaba, uNgqongqoshe wesiFunda angaqoka ikomidi lesikhashana lokudingida lolu daba. Uma ikomidi lesikhashana liphikelela ngesichibiyelo, umasipala kufanele enze izinguquko kwi-IDP.
Uhlelo lobudlelwane oluxube iminyango kahulumeni nokubaluleka kweqhaza lezikhungo zikazwelonke nezifundazwe emisebenzini esiqaliwe ye-IDP ludinga ukubandakanya abantu abaqokelwe ukumela uhulumeni ezingeni likazwelonke nesifundazwe. Laba abaqokiwe bayoba yingxenye yethimba lokuhlola nokuphasisa I-IDP njengombhalo ohlangabezana nenhloso yokulumbana. Akukacaci kahle ukuthi ngubani ofanele abambe iqhaza kulenqubo nokuthi yisiphi isikali esiyosetshenziswa ekuhleleni I-IDP. Imihlahlandlela ecacile yenqubo yokuhlola imigomo yokwemukela noma yokuphasisa idingekile.
Ukuqinisekisa ubudlelwane obusebenzayo phakathi kweminyango nezinhlaka zikahulumeni (njengoba kuhlelwe eSahlukweni 4) nokufaka isandla emizamweni yokuxhumanisa imikhakha ehlukene.
ukudidiyela nokulumbanisa izinhlelo ezigamanxe imingcele nezinye izimboni lapho kuhlelwa amaqhinga nezidingonqangi zikazwelonke nesifundazwe.
v. UNgqongqoshe weNdawo esiFundazweni kumele asungule iKomidi yokulumbanisa I-IDP enamalunga aqokwe ezifundazweni, kuzwelonke nakuhulumeni wendawo. Umsebenzi wekomidi wukuphawula nokuxoxisana ngamathuba empumelelo yemisebenzi eqokiwe kanjalo nezindlela zokuyilumbanisa.
Kusobala ukuthi iMSA ifuna ukwenza ama-IDP isikhali esinamandla sokuhola zonke izenzo zomkhandlu kamasipala.
Inhloso yeMSA yokuhlomisa IDP ilukhuni lapho sekumele kwenziwe ngempela umsebenzi. Izingxenye eziningi zamapulani azicacile ngokwenele ukubophezela; ezinye zibekeka kakhulu engcupheni yokuguqulwa ngenxa yokushintsha kwezimo (isibonelo, uhlaka lwesabelo sezimali, amathuba amasha).
imizamo yokukhuthaza ezomnotho.
Umkhandlu kamasipala ubika kosombusazwe ngezinqumo, nendlela oqhuba ngayo imisebenzi ye-IDP. Igxathu lomsebenzi owenziwe ngempela uyokalwa ngokuqhathanisa nezinhloso nezinkomba ezichazwe kwi-IDP.
Uhlaka lwentuthuko yokuhlelwa kwendawo ne-IDP luyoba wumbhalo obophezelayo ezinqumeni zonke zokusebenzisa umhlaba. Lokhu kuyokwenziwa ngokulandela umthetho omusha osalungiswa wokuhlela izindawo.
